UMhlonishwa uMeya Myeza Uhambele Imiphakathi YaseThembalihle NaseGomba
18 kuMandulo 2025.
Isitatimende Sabezindaba
UMhlonishwa uMeya woMasipala iNkosi Langalibalele, uMnu. M.T. Myeza, uqhubekile nohambo lwakhe lokukhanyisa wonke umkhandlu ngokufaka ugesi ezindaweni zasemakhaya. Muva nje, uMeya wethule abaphakeli bezinsiza (osonkontileka) abazofaka ugesi okokuqala ngqa endaweni yaseThembalihle naseGomba, ngaphansi kweWard 19.
Lo mcimbi ulandela owangesonto eledlule lapho uMeya ayethule khona osonkontileka eWeenen, kuWard 21, lapho ahlonze khona ngokusemthethweni ukuqala kohlelo lokufaka ugesi.
Iphrojekthi ye-electrification izohlanganisa izindawo eziningi ezibalulekile, okuhlanganisa iKwaVumbu, Ekuthuleni, Gomba, kwaMthweni, Thembalihle kanye neCornfields. Umsebenzi usuqalile futhi kulindeleke ukuthi ube sewuphelile phakathi nezinyanga eziyisithupha.
Kuzoba nemiphumela emihle kubantu bendawo njengoba imindeni engaphezu kuka-30 izohlomula ngamathuba emisebenzi, njengoba kuzoqashwa abantu abangu-20 eThembalihle kanye nabangu-13 eGomba, kufaka phakathi noCLO wephrojekthi. Abantu abanamakhono kwezokuphepha (security) nabo bazothola amathuba emisebenzi njengoba kuzodingeka bavikele ingqalasizinda.
Ekhuluma emcimbini, uMeya uMyeza ugcizelele ukubaluleka kokuvikelwa kwengqalasizinda. Uthe: “Intuthuko ayizwani nomsindo. Asisebenzisane, sivikele ingqalasizinda yethu ngoba kufanele isekele nina. Kunxuswa wonke umuntu ukuba abe ngumphathi walesi sakhiwo ukuze intuthuko iqhubeke ngaphandle kokuphazamiseka.”
UMeya ugcizelele ukuthi le phrojekthi iyinhlansi yethemba ezoletha ukukhanya ezindaweni ebezihlala ngobumnyama, wathi uhulumeni wakhe uzobonisa intuthuko ngezenzo hhayi ngamazwi kuphela.
Ishicilelwe : ILM Communication
Inombolo : 036 342 7800





